U KUHLUPHEKA nokuhlukunyezwa kwezingane esikhathini sanamuhla sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba. Lokhu kuhlukunyezwa nokuhlupheka nokulamba akuyona into yethu sodwa kodwa ikhungethe ngisho amazwe okukade aphucuzeka.
Ukufakazela lokhu uSaad Negi encwadini yakhe: “ Child Maltreatment in the USA” undlala sonke isimo esenzeka kwelase-US ngenkinga efanayo. Kithina base-Afrika ingane iyisiphiwo esivela kwabadala, ngakho ukuhlonishwa kwayo kwehlukile kunokwezinye izizwe. Uma ufunda ekaDavid Gil ethi Violence against Children ukhala izinyembezi ngezenzo zabazali bezingane abasuke bethi zizalwe yibona nokulindeleke ukuthi baziphathe njengabazali.
Namhlanje ngibuka izingane ezihluphekayo, ezihlukunyezwa abazali bazo, ezitholakala emathoyilethi zilahliwe, ezilambile, ezilahlwa zibe nenhlanhla zicoshwe abathize baziphilise. Ngiyaye ngizibuze umbuzo othi kungenzeke yini ukuthi ohulumeni bomhlaba bake babe nengqungqungquthela yokubheka ukuthi ngeke yini kwaba yisu elihle ukuthi umuntu ofuna ukuba ngumzali athole incwadi yokuba ngumzali esingathi yilayisense?
Angiqale ngokweneka izizathu nezibonelo ngalesi siphakamiso. Isizathu esiyimbangela yokuthi umuntu anikezwe izincwadi ezintweni ezithize yingoba kusuke kubhekelwa ukuphepha nokuvikeleka komphakathi nawo oyilungu lalelo lizwe. Ukuze ushayele imoto kufanele ube nezincwadi; ukuba ngudokotela, ummeli, umhlengikazi nokunye kudinga ube nezincwadi ngoba usebenza nomphakathi okufanele uhlale uvikelekile. Ukuthola ingane nakho kuyakuthinta kakhulu ukuvikeleka komphakathi kanjalo nabantu jikelele.
Ingane ezalwe wumama ogcina engakwazi ukuyondla igcina ingumthwalo kahulumeni.
Namhlanje sinemali yeqolo ngenxa yokuthi uhulumeni uzama ukuthi izingane zondleke.
Kodwa umbuzo uthi zingaki izingane ezondliwa yileyo mali? Akugcini ngokuthi abanye abazali bayithathe bathenge utshwala ngayo noma bathenge okokugqoka? Ngeke yini ukukhipha izincwadi zinikwe ofuna ukuba ngumzali kwanciphisa lezi zindleko kuhulumeni?
Izingane ezihlukunyezwayo emindenini zigcina ziyiswa kosonhlalakahle, ingane igcine idungeka umqondo.
Zingaki izingane ezidukiswa abazali, umama athi azi kahle ukuthi le ngane ingumlanjwana kodwa agqugquzele ukuthi iyobiza isibongo sakubo kayise ekubeni uyise engazange akhipha lutho, ingane ibe nezinkinga ize ife? Bangaki abazali abagana nezingane abazithole besesemakhaya, emva kwalokho adukise ingane ibize isibongo salapho eganele khona? Lapho umsamo wengane udungeka ize iyofa.
Ibhukwana likaLeila Berg: “ The Child, The Law and The State” liphakamisa izinto eziningi okufanele izingane zivikeleke ngazo kubazali abazihlu-kumezayo nokuthi izwe lingangene-lela kanjani ukusiza kulokhu. Mina ngiphaka-misa ukuthi kubalulekile ukufunda zincwadi ezimayelana nokuthola abantwana uma ufuna ukuba ngumzali.
Angidlulele kubazali abathanda ukuba nezingane kodwa abangazitholi. Nabo bangathola lezi zincwadi kodwa bona-ke bazame ukuthola abazozithatha bazikhulisele zona lokhu esithi yi-adoption.
Lapha angiqondile kuthi bonke abazali babi kodwa inkinga wukuthi sengathi noma ngubani ofuna ingane uvele azale nje nakuba engakafanele ukuba ngumzali.
Namhlanje sibona izingane ezingabazi oyise, onina abalala otshwaleni, ingane igcine izikhulela yona ingakhuliswa ngumzali. Namhlanje sikhulisa isizwe esingazi ukuthi kusasa siyoba njani. Imfundiso yasekhaya ayisekho.
Ngiyazi kukhona abazothi lokhu kuphikisana nelungelo lomuntu. Yebo, ilungelo likhona kodwa uma seliba nomthelela ongemuhle ekuphepheni kwabantu nomphakathi liyaphela ukuba ilungelo.
Umphakathi nengane banelungelo lokuthi bavikeleke, baphephe uma belethwe emhlabeni.
Ingu-22 iminyaka sathola inkululeko namalungelo kodwa bheka ukuthi zingakanani izingane ezihlukumezeka mihla namalanga. Mangaki amacala abazali abahlulwa wukondla aqulwa ezinkantolo? Kukhona nezingane eziphikwayo igcine ingane ikhula ingazi ukuthi ingubani. Kungakho abanye benquma ukuthatha intambo baziphanyeke. Hleze lo mthetho unganqanda lokhu sibe yisizwe esinomsamo ojabulisa abantu bonke.
ASIPHAHLE:
“Kungcono ukufa kunokuzondwa umzali wakho uqobo.”
Bhedlindaba
033 569 1317/ 079 747 1911/ 072 897 2001.