MINENHLE MKHIZE noMTHOKOZISI MNCUSENI
‘K ULE MINYAKA engu-99 ezayo uma inkosi isangigcinile umqeqeshi weJomo Cosmos kuyobe kuyimina lo, uJomo Sono,” usho kanje ezishaya isifuba umqeqeshi nosihlalo weZenkosi u-Ephraim “Jomo” Sono ngemuva kokugencwa kwazo izembe ngoMgqibelo.
Le nkulumo ebigcwele ukuzethemba kodwa kusobala ukuthi iphelezelwa wumunyu nendumalo ikucacise kwahlala obala okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi eyokudedela izintambo zokuqeqesha iqembu lakhe yinto angayiphuphi ngisho ebusuku uSono.
ICosmos isiphenduke iyoyo ku-Absa Premiership. Kule minyaka eyisishiyaga-lombili edlule eZenkosi sezigawulwe yizembe amahlandla amane.
EZenkosi zidliwe yizembe okokuqala kuPremier Soccer League (PSL) eyasungulwa ngo-1996/97 ngesikhathi ziqeda ekugcineni ngo-2007/2008. Ngo-2008/2009 iCosmos idle ubhedu kuNational First Division (NFD).
Ngo-2009/2010, uMjomane uphinde wagawulwa yizembe futhi kwathi ngo-2010/2011 wabuyela esigabeni esikhulu. Ngo-2011/2012 uSono limphindile izembe ngemuva kwalokho wahlala amasizini amabili kuNFD wabe esebuyela esigabeni esikhulu njengoba esephinde wangencwa yimbazo futhi.
Exoxa nabezindaba ngemuva kokushovelwa yiMaritzburg United ehlathini emdlalweni wokugcina weligi e-Olen Park ngoMgqibelo, uSono ulimise ngesihloko elokuthi akaziboni eshiya isikhundla sokucija iCosmos.
“Sifake isicelo sokuyenza eyethu le nkundla (esePotchefstroom). Siyaxolisa kubalandeli, imindeni yabadlali, imeya engeseke ngendlela emangalisayo. Le nkundla sifuna ukudlalela kuyona iminyaka engu-99 ezayo futhi kuleyo minyaka yimina lo ozobe elolonga iqembu,” kusho uSono.
ICosmos iqede endaweni yokugcina ku-log ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-30. EzikaMjomane zinqobe imidlalo eyisithupha zashaywa engu-17 zase zidlala ngokulingana kwesiyisikhombisa.
“Kusale kancane ukuthi sizuze ebesizibekele kona kule sizini. Asilona iqembu elilwela i-Top 8 kepha besizibekele ukuqeda endaweni ka-14. Kusale kancane ukuthi sikwenze lokho. Sishaye amaqembu amakhulu kule sizini ngakho-ke sizophinde sibuye esigabeni esikhulu. Nginesiqiniseko sokuthi sonke siyibonile iBlack Leopards ukuthi yenze kanjani kule sizini kodwa ngesizini ezayo uzoyibona. Uzowabona amaqembu azolwa kanjani njengoba sekubuye thina kuNFD. Iyangixaka le ndaba ngoba awalwi ngale ndlela alwa ngayo uma iCosmos ingekho. Ungaze ufunge ukuthi basuke bengikhumbule,” kusho uSono.
Kusasa:
Mbombela United v Highlands Park (KaNyamazane, 3pm)
NgeSonto:
University of Pretoria v Mbombela United (Tuks Stadium, 3pm)
NgoJuni 11:
Highlands v AmaTuks (Makhulong, 3pm)
NgoJuni 15:
Highlands v Mbombela United (Makhulong, 3pm)
NgoJuni 18:
Mbombela United v AmaTuks (Kanyamazane, 3pm)
NgoJuni 22:
AmaTuks v Highlands (Tuks Stadium, 3pm