OWESIFAZANE okhala ngomsolwa ongumakhelwane athi udlwengule ingane yakhe yentombazane (6), uthi uzizwa engaphephile njengoba engaboshiwe.
Ingane yakhe uthi idlwengulwe ngesikhathi ihamba neyakwamakhelwane (5) ziyothenga uswidi esitolo, kuthiwa umsolwa wayibizela emjondolo ahlala kuwo wazikholisa ngayo.
Uthe wezwa ngengane yakwamakhelwane isimtshela ukuthi ingane yakhe ithathwe “umalume” wangena nayo emjondolo wakhe.
Usola amaphoyisa abezothatha isitatimende ngokudlwengulwa kwengane yakhe, athi afike ayithethisa ngokuthi ayikhulume isheshise ngoba wona ajahile. Lesi sehlakalo sokudlwengulwa kwengane yakhe uthi senzeke emijondolo engakwaJeena ezitolo ngaseMlaza.
“Emuva kokuba ngivule icala emaphoyiseni, afikile athi ingane ayikhombe umsolwa oyidlwengulile, nangempela yamkhomba. Babe sebemthatha bamvalela evenini bahamba naye,’’ kuchaza owesifazane lona.
Uthe ngakusasa aphinde abuya amaphoyisa, athi afuna ingane yakhe ichaze ukuthi kwenzekeni. Ngenkathi isazama ukuchaza uthi iphoyisa lowesifazane liyikhacile, layingena emlonyeni lathi ayisheshise ngoba bona bajahe ukuyobona ezabo izingane emakhaya.
Uthe emuva kwalokho ingane yakhe ayibange isakwazi ukuqhubeka nokuchaza ngoba ibisikhombisa ukuthuka. Ngokusho kwakhe, amaphoyisa asuke lapho ayovusa ingane yakwamakhelwane ebihamba neyakhe.
“Kwayona ingane yakwamakhelwane ayivuse ilele athi ayichaze ngokwenzekile. Yini ongayilindela enganeni evuka ebuthongweni nakhona ube uyijaha ukuthi ayikhulume,” kubuza yena.
Emuva kwalokho uthe amaphoyisa amtshele ukuthi aseyamdedela umsolwa ngoba awabutholi ubufakazi obumyamanisa nokudlwengulwa kwengane yakhe.
Uthe: “Ngidumele kakhulu ngesenzo samaphoyisa ekubeni abenazo izincwadi ezivela kudokotela ezikhombisa ukuthi ingane yami idlwenguliwe.”
Ngaphandle kokuzizwa engaphephile, uthi nengane yakhe isihlale ithukile uma ehamba nayo ngoba isihlale imbona umsolwa.
“Njengoba (umsolwa) engumakhelwane ingane yami ihlale ngaso sonke isikhathi imbona. Uma kwenzeka imbona ihamba nami, ibambelela kimina ikhale kakhulu,” kusho lo mzali.
Uthi ingane yakhe ihlukumezekile njengoba futhi iphalaza ibuyise amaphilisi enikezwe udokotela ukuba iwaphuze ukuvimbela ukuthi ingatheleleki ngegciwane lengculazi njengoba idlwenguliwe.
Nakuba usahlala kule ndawo akuyo, uthi yingoba ingekho enye angabalekela kuyo ngoba nemuva alisekho abazali bakhe sebashona.
Umqondisi wakwa-Childline KwaZulu-Natal, uNksz Nomvuyo Shabalala, uzwakalise ukumangala ngelesi simo.
Ucele ukunikezwa imininingwane kanina wengane edlwenguliwe, wathi bazimisele ukumeseka nengane yakhe. “Okwenzekayo kumuntu uma esanda kwehlelwa yisehlo esithile, uba novalo. Kuthatha isikhathi ukuthi umuntu abuyele esimeni sokuthi angachaza ngokwenzekile ngoba usuke esathukile,” kusho uNkk Shabalala.