LUNGI LANGA
USEQOKE ukuyikhipha esikoleni ingane yakhe unina womfundi (11) waseNembe Primary, eMandeni, okuthiwa ihlale esibhedlela inyanga emuva kokushaywa wuthisha.
Unina wale ngane eyenza uGrade 5, uNksz Hlengiwe Ntombela, uthe uphoqeleke ukuthi ayikhiphe kulesi sikole ngoba bese ihlukumezeka.
“Njalo uma ibuya esikoleni ingane iyasho ukuthi othisa bayayinyuka. Iyaye idinge ukuyiswa esibhedlela ngezinsuku ezithile iyobhekwa unyawo ngoba lusenenkinga. Uma iye esibhedlela ayiyi esikoleni.
“Umngani kathisha uyimise phambili ekilasini wathi ayitshele ezinye izingane ukuthi kungani ingazanga esikoleni. Ithe uma imchazela wathi ayingatsheli yena ayitshele ezinye izingane,” kusho uNksz Ntombela.
Uthe ingane iyiwele kanti beyifunda nelinye iwele ekilasini, nalo ebese lizithola lihlukumezeka ngenxa yalesi simo. Uthe uzikhiphe zombili izingane.
Le ngane kuthiwa yashaywe uthisha waze wabiza ezinye izingane ukuthi ziyibambe ukuze ayishaye kahle. Kuthiwa indaba yasuswa wukuthi uthisha wayethume izingane ukuthi zicoshe amaphepha zase ziphuza ukubuya.
Uthisha uzibizile ngoba ezifica zingawacoshi amaphepha futhi zingabuyelile ekilasini.
Ngokusho kukaNksz Ntombela, wazama ukushaya ingane yasusa isandla wase eyishweba.
“Ube eseyishaya umzimba wonke waze wayikhahlela yayongena phakathi kwedeski netafula lakhe.
“Kumanje ingane ayikwazi ukuzihambela, ihamba ngezinduku,” kusho uNksz Ntombela.
Uthe okumphatha kabi wukuthi yize eqhubeka eyihlukumeza esejoyinwe nomunye uzakwabo abasondelene naye, namanje akukho okwenziwayo ukumjezisa.
Isikole uthe sehlulekile ukuvikela ingane yize ebika ukuthi labo thisha bayiphethe ngendlela engeyinhle.
Uthe lolu daba ubese elubike kaningi kumphathi wesikole.
Ephawula ngokulinyazwa kwale ngane phambilini uMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, wathi akukho semthethweni ukushaywa kwezingane.
Wathi noma ubani osuke eshaya ingane wenza okuphambene nomthetho futhi uyojeziswa.