SEKUQUBUKE umbango ngomcimbi wobumnandi oba se-Amcor Dam, eNewcastle, minyaka yonke, iGumba Fest kangangokuba sekuze kwavulwa icala emaphoyiseni.
Umbango uphakathi kukaDJ Tira, Sifiso Gumede noSbu Shabangu.
UShabangu uthe umcimbi ngowakhe kodwa useshaywe ngesithende kowakulo nyaka njengoba uhlelwa nguTira noGumede.
UGumede uthe umcimbi waqalwa nguye wacela uShabangu ukuthi azomsiza, ngokuhamba kwesikhathi bacela usizo lukaTira ngoba unamava ekuhleleni imicimbi.
Izikhangiso zowanonyaka seziqalile kanti uzoba ngo-Okthoba 1.
UShabangu uthe umcimbi wawuqala ngo-2010 uTira engekho nokuthe ngo-2012 wamumema ukuthi azobakhulisa.
“Siqhubekile nokusebenza ngirojwa ngizwe kuthiwa abaxhasi bakhiphe imali ethize kodwa mina ngingatshelwa. Ngo-2015 uTira uqhamuke esethi umcimbi uya eRichards Bay, ngabuza ukuthi angawuhambisa kanjani umcimbi ngaphandle kwemvume yami. Wathi uma uMasipala waseNewcastle ungaxhasa ngemali enkulu kuneyaseRichards Bay uzoqhubeka,” kusho uShabangu.
UShabangu usevulelwe icala lokukhwabanisa ngemuva kokuthi eye eComputicket lapho kudayisa khona amathikithi wavula i-akhawunti ukuze imali yabathengayo ize kuyena.
Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu ukuqinisekisile lokhu wathi basaphenya, bekungakaboshwa muntu.
UDJ Tira uthe abawuboni umsebenzi kaShabangu, yingakho bemkhiphile.
“Simvulele icala ngoba uye eComputicket engahlangene nomcimbi. ”
UGumede uthe umcimbi ngowakhe futhi waziqalela ngo-2009 usabizwa ngeSummer Explosion.
“UShabangu waqashwa njengo-stage manager. Ngonyaka olandelayo sasebenza naye ngoba wazi lezi zinto zama-khompyutha sawuhlela umcimbi ingekho into ebhalwe phansi. Sasebenzisa inkampani yakhe. Ngo-2012 sacela ukusebenzisana noTira wafika walishintsha igama,” kusho uGumede.
Uthe okubaqhathile wukuthi emcimbini wangonyaka odlule kwalahleka imali abayenza emcimbini, ngemuva kwalokho uShabangu wanyamalala.