intatheli yesolezwe
OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Thabo Mbeki uhlabe wahlikiza labo abagxeka iKhomishini kaSeriti ebiphenya mayelana nohlelo lokuthengwa kwezikhali elakuleli, ethole ukuthi akukho okwenziwa okuwukwephula umthetho ngesikhathi uhulumeni wakuleli uthenga lezi zikhali.
UMbeki uthe lo mbiko akuwona umzamo wokugqiba okubi okwenziwa kodwa kufakazela lokhu okwatholwa yithimba lophenyo aliqoka ngo-2001 elihlanganisa umcwaningi-mabhuku kuzwelonke, umvikeli womphakathi nophiko lwezokushushisa. Leli thimba alitholanga bufakazi bokuthi kwenziwa inkohlakalo.
“Nangaleso sikhathi, bakhona abantu kuleli ababewugxeka lowo mbiko, bethi kukhona okuthile okufihlwayo, njengoba kwenzeka namanje begxeka umbiko weKhomishini yamajaji,” kusho uMbeki.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthi kukhona abathile kuleli abanenhloso yabo yokwakha isithombe esibi sokuthi uhulumeni kaNelson Mandela wawugcwele inkohlakalo.”
Nabezindaba abasalanga ngaphandle ekugxekeni kukaMbeki.
“Ngeshwa, baningi nabezindaba abasebenzisa amandla abo ukubika okungeyikho ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi nokuqeda ukwethembeka kweKhomishini yamajaji kanye nophenyo lwayo, kanjalo nekutholile ophenyweni,” usho kanje.
“Lokhu kusho ukuthi laba bantu bazimisele ngokuthi ngeke balamukele iqiniso, basamile kulokhu abazimisele ngakho okuwukwakha isithombe sokuthi uhulumeni wangalesiya sikhathi wawunenkohlakalo. Balokhu bezisho bephindelela lezi zinsolo kodwa bengenabo ubufakazi.”
Ngesikhathi esaphethe, uMbeki wala waphetha ukuqoka iKhomishini yamajaji ezophenya mayelana nodaba lokuthengwa kwezikhali ngoba ethi ithimba aliqoka eliyinhlanganisela yezinhlaka ezehlukene lase livele likucacisile ukuthi uhulumeni kawephulanga mthetho.