MCEBO MPUNGOSE
KUTHOLANE phezulu inkakha yakudala neciko elithuthuka ngesivinini emculweni kuleli emcimbini i-ELEVATE obuse-Ciao Bella, The Courtyard, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.
Kulo mcimbi uhlelo obeluphethwe umsakazi weGagasi FM, uMzokoloko, kutholane phezulu inkakha yomculi wekwaito uThebe ngokunjalo noNasty C okhula ngesivinini kwihip-hop kuleli. Laba baculi babhulelwe amazolo nguDJ Ntukza, DJ Wobbly, Jojo noJunior.
UNasty C ushaye amaculo asezakhele ngawo udumo okubalwa kuwo i- Juice Back, Hell Naw, Jump namanye. UThebe uqhulule ezakhe zakudala okubalwa kuzo ezithi Ungawa Kum, Vula Boot, Groovers Prayer nezinye ashiye abaningi belokhe befune impinda.
UNasty C ucula noThebe nje usanda kushayelwa ihlombe abantu abaningi endimeni emva kokuthi edalule ukuthi uthintwe yinkampani kaJay-Z iRoc Nation esayinise abaculi okubalwa kubo uRihanna, Rita Ora, J Cole, Meek Mill, Vic Mensa, Willow Smith, T.I nabanye abaningi.
UMhleli we-Elevate, uNontetho ubonge kakhulu wonke amaciko avume ukuba yingxenye yalo mcimbi obuhamba nesihloko esithi Old School vs New Schoool. Uthe uthemba ukuthi ngonyaka ozayo uzokhula kakhulu.