FANELESIBONGE BENGU
UYACHICHIMA yinjabulo uNontandakubukwa weTheku, uThah Simelane, njengoba enesinqandamathe esisha.
UThah, osezakhele igama ngokuba wumphathi wohlelo emicimbini eyahlukene yobumnandi ubonakale eXopo ngoMgqibelo engahlukani nowesilisa osemncane. Lona wesilisa ubethi uma ehamba uThah azwakale ememeza athi, “Bayanda buya.” Ubengafuni ukuhlukana naye kanti yonke indawo ubelokhu ehamba naye. UBayanda ubelokhu emamatheka kungathi unamahloni. UThah ubelokhu etshela abantu ukuthi uBayanda yisinqandamathe sakhe esisha.
Uthe esethintwa yi Solezwe wanqaba ukuphawula wathi lolu daba lungashicilelwa.
UThah ubengumphathi wohlelo kuHarry Gwala District Music Festival ebeyethulwa eMorningside Stadium, eXopo, ngoMgqibelo.
Ngawo uMgqibelo ekuseni ufake isithombe ku-Instagram elele embhedeni nowesilisa, ubuso bakhe obebungaveli. Isithombe besikhombe ukuthi usifake esendaweni yokulala eXopo. Ibala lalona wesilisa liyafana nelikaBayanda.
Imizamo yokuthola lona wesilisa obizwa ngoBayanda ayiphumelelanga.