ZODWA NDABA
UNQUNYELWE ugwayi katiki ngabaphathi beKaizer Chiefs, umqeqeshi wayo uSteve “Mphathi” Komphela, ngokuthi anqobe indebe yeMTN 8 uma kuqala isizini ezayo ukuze akwazi ukugcina umsebenzi wakhe.
IChiefs izobhekana neMpumalanga Black Aces emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8.
Isolezwe lithole ngomthombo walo osondelene kakhulu nabaphathi beqembu ukuthi uKomphela usebekelwe umbandela wokunqoba iMTN 8 ukuze aqhubeke ayaluze emagcekeni aseNaturena. Ngesizini yakhe yokuqala kuChiefs, uKomphela uhlulekile wukuvikela le ndebe behlulwa yi-Ajax Cape Town kowamanqamu.
“Abaphathi abaneme nhlobo ngemiphumela yale sizini. Bayathanda ukusebenza noSteve kodwa imiphumela uma ingavumi abazimisele ukuthi bamgcine isizini ezayo. Bafuna abakhombise ukuthi kusafanele aqhubeke nokuqeqesha ngokuthi anqobe iMTN 8. Uma eke waphuma kuMTN 8 kuyobe sekuwukuphela komsebenzi wakhe,” kusho umthombo.
Uqhube wathi: “ Abaphathi bayakuqonda ukuthi kumele batholele uKomphela abadlali abasha azokwazi ukuqinisa ngabo isikwati nokufanele kwenze umsebenzi wakhe ube lula wokunqoba iMTN 8. Leli windi kuzoba elibhizi kuChiefs njengoba kuzoqalwa ngokuthi kuphendlwe indawo yabadlali abasha ngokuthi kudedelwe inqwaba yabadlali okubonakala bengawenzi umsebenzi,”Kule sizini esanda kuphothulwa uKomphela uthelwe othulwini yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 kowamanqamu walo mqhudelwano obuseNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.
AmaKhosi avale isizini ehlezi endaweni yesine ku-log ye-Absa Premiership, kanti uKomphela uhlulekile ukulinqobela ngisho indebe eyodwa, uphume kowandulela amanqamu kuNedbank Cup eshaywa izimbangi zabo ezinkulu i-Orlando Pirates ngo 2-0. Amakhosi aphinde ashaywa iMamelodi Sundowns kowamanqamu weTelkom Knockout ngo 3-1. Lokhu kuholele ekutheni kuphele le sizini abalandeli beChiefs bengasamuzwa kahle uKomphela kwazise bekungekho abazoqhosha ngakho.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs ukuphikile ukuthi uKomphela usebekelwe umbandela. “Njengoba ungifonela nje ngiyaqala ukuyizwa ngawe le nto oyishoyo. Mina uyangazi ngiwumuntu okhuluma into eqondile, ukube bengazi. Okokuthi sizodedela inqwaba yabadlali ungangicaphuna ungasabi ngoba lokho yiqiniso.”