USEZITHOLELE ikhaya elisha kuRoyal Eagles edlala kuNational First Division (NFD) uPhumelele “Ace” Bhengu ocele ukudedelwa yiSuperSport United ngoba ekhuhla ibhentshi kuleli qembu lasePitoli elidlala ku-Absa Premiership.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalo mdlali ukuthi konke sekuphothuliwe noBhengu osethathe yonke imithwalo yakhe ePitoli walibangisa eMgungundlovu lapho kuzinze khona i-Eagles.
“Sekuvunyelwene ngayo yonke into no-Ace. Sekushoda ukuthi asayine phansi okuyinto ezokwenzeka namhlanje (izolo) akusekho ukujikela emuva. Empeleni i-Eagles ibifuna ukuthi asayine nayo ngoMsombuluko kwazise maningi amaqembu abemgaqele.
“I-Eagles yayimfuna ngisho esenenkontileka kuSuperSport, ibingeke isamyeka isizokwazi ukumthola kalula njengoba ebengasenalo iqembu,” kusho umthombo.
Isolezwe belike lathola ukuthi lo mdlali uzicelele ukudedelwa ngoba ubevele esazi ukuthi uzolithola iqembu kwazise neThanda Royal Zulu ibimfuna uthuli.
Kuthintwa isikhulu esiphezulu kuRoyal Eagles, uRichard Makhoba, unqabile ukuphumela obala ngokuthi uBhengu usengumdlali wabo.
“Angicabangi ukuthi lesi yisikhathi esihle sokuthi ngingaphawula ngo-Ace. Sihlela ukuthi ngoLwesibili oluzayo simemezele bonke abadlali esinabo esibasayinisile njengoba silungiselela isizini etsha,” kusho uMakhoba.
Ebuzwa ukuthi uBhengu usethelekile yini ekhempini yabo eseMgungundlovu uthe: “Baningi abadlali esinabo ekhempini njengamanje ngalokho ngeke ngisho ukuthi u-Ace ukhona yini. Konke kuzocaca ngoLwesibili,” kusho uMakhoba.
Kusasa i-Eagles izodlala umdlalo wokuhlunga neReal Kings kuKZN Premiers Cup ezoba seMhlathuze Sports Complex ngo-11.30 ekuseni. Umdlalo wesibili wokuhlunga ngoweThanda Royal Zulu naMaZulu FC ngo-1.30 ntambama.
Ozophumelela kula maqembu uzojoyina iMaritzburg United neLamontville Golden Arrows.
■ Imidlalo yamaSemi-final
ngeSonto:
Maritzburg United vs qualifer 2 (Umhlathuze Sports Complex 9am); Lamontville Golden Arrows vs qualifier 1 (Umhlathuze Sports Complex, 12pm)
Owamanqamu:(UMhlathuze Sports Complex, 2.30 emini)