USEYISOSHA owayengumgadli we-Orlando Pirates neJomo Cosmos, uDavies Mwape, owafika eNingizimu Afrika ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofike agile izimanga kodwa wagcina engenzanga lutho olutheni.
UMwape (29) wadlala kweZimnyama ngaphansi kobuholi bukaKostadin Papic. Kuleli qembu wafike wahluleka wukwenza ayelindelwe ukuthi akwenze okuwukushaya amagoli.
UMwape useyisosha eLusaka njengoba engasalidlali ibhola.
UMwape ugcine ukubonakala kuZanaco ngo-2013.
IZanaco igijima kwiligi enkulu yaseZambia.
Leli qembu lidlalelwa ngu-Isaac Chansa owaduma kuPirates.
“UMwape useyisosha manje. Akasalidlali ibhola. Omunye umdlali oseyisosha nguMbewe (Festus) owayedlala kuGolden Arrows. Naye usenesikhathi eyekile ukudlala ibhola,” kusho omunye wabadlali neNkana FC ebikhempe ehhotela elilodwa nentatheli yaleli phephandaba, eSouthern Sun Ridge.
UMwape akagcinanga ngokudlala kuPirates kuphela kodwa wayibamba nakuJomo Cosmos.
Nakhona izinto zafike zangahamba kahle wagcina ebuyele ngakubo eZambia. Eqenjini lesizwe laseZambia udlale imidlalo eyisithupha.
UMwape uke wadlala naseTanzania, edlala kwizinkunzi zakhona iYoung Africans. KuPirates udlale nezibabuli ezingoBenedict “Tso” Vilakazi, Gift “Vum Vum” Leremi, Lebohang “Cheese-Boy” Mokoena, Lucky “Phinda Mzala” Lekgwathi osanda kuthatha umhlalaphansi ebholeni. Ukuba yisosha yinto enkulu eZambia kwazise noChris Katongo ozakhele udumo kuJomo Cosmos, Chipolopolo nasemaqenjini aphesheya kwezilwandle waqala kuwona lo mkhakha.
UKatongo osize iZambia yadla umhlanganiso ku-Africa Cup of Nations ngo-2012 eGabon nase-Equatorial Guinea, uphethe izimendlela zokuba yisosha eliseqophelweni eliphezulu.