MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
U KHALE ezimathonsi umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela ngonompempe abebephethe umdlalo wabakhaya wathi kungcono abeligi bacabange eyokufaka abangaphandle ukuthi bazophatha lo mdlalo.
UKomphela ubekhuluma ngemuva kokuthi iqembu lakhe lidlale ngokulingana ngo-1-1 ne-Orlando Pirates eFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.
Igoli leChiefs lishaywe nguWillard Katsande kwathi elokulinganisa lePirates lashaywa nguThamsanqa Gabuza.
“Ngiphoxekile kakhulu. Uma kuyinto engenzeka kungakuhle ukuthi umdlalo wabakhaya uphathwe ngonompempe bangaphandle. Onompempe kufanele baziyeke zibulalane enkundleni, benze umsebenzi wabo kahle,” kusho uKomphela.
“Ngeke ngibatshele ukuthi benzeni noma ngibabonise kodwa ngivunyelwe ukuzwakalisa ukungeneliseki ngezinqumo zabo. Ngiyambonga uMdali akubanga nanhlekelele kulo mdlalo.
“Benze amaphutha ku-Itumeleng Khune kabili. Kufanele onompempe bawuphathe kahle umdlalo bangachemi ngoba uma benza kanjalo babulala iligi enhle kangaka. IPirates neChiefs amaqembu amakhulu nahlonishwayo eNingizimu Afrika ngakho kufanele uhlonishwe umdlalo wawo. Angijabulanga neze ngezinye zezinqumo zonompempe namuhla. Lokhu kungaxosha abantu ebholeni.”
Uncome iqembu lakhe ngendlela elidlale ngayo esiwombeni sokuqala somdlalo. “Sidlale kahle umdlalo sashaya igoli sahamba phambili. Besilokhu sigxile emdlalweni wethu kahle kwaze kwamoshakala ngokuthi siyeke uqhwasha wegoli ukuthi lisidle. Besiqinile futhi siphaselana ibhola kahle sidlala kahle kunabo kodwa ukufika kukaMpho Makola noSifiso Myeni kushintshe izinto umdlalo waba ngowabo. Thina besisethubeni elihle lokuthi sinqobe umdlalo kodwa kwala,” kusho uKomphela.
UKhune uzobe esekulungele ukudlala uma sebebhekene neLamontville Golden Arrows.
“Uthinteke kancane, besinaye ngemuva komdlalo endaweni lapho sishintshela khona. Sizozwa ngodokotela beqembu ukuthi bathini, ngiyethemba uzobuya masinyane,” kusho uKomphela.
Uncome uWilliam Twala ngendlela adlale ngayo kulo mdlalo yize ethi kwesinye isikhathi ubedinga ukulekelelwa.
“Udlale kahle uzobe engcono kakhulu kolandelayo wabakhaya. Ubedinga ukusizwa kwesinye isikhathi,” kusho uKomphela.
Uthe uThabo Qalinge noThabo Rakhale bayayijika indoda kodwa bebefuna ukuthi badle iPirates ngamaphutha abo.
“Sibheka ukuthi iphasi yinde kangakanani noma uthinta ibhola kabi bese silithatha sibahlasela ngokuzuma ngalo. Kodwa bona bayakwazi ukujika indoda,” kusho uKomphela.