USOMAHLAYA wase-USA uSteve Harvey uncokole ngokuthi akasabuyeli ezweni lakubo ngenxa yokuthi kuvotelwe umengameli ongafanele.
Lokhu ukusho esithangamini nabezindaba e-ICC izolo lapho kuqhubeka khona umcimbi i-Essence Festival eqale ngoLwesibili ezophothulwa ngeSonto. Uqhubeke wathi:“Ngiyakuthanda ukuba lapha ngoba yilapho sidabuka khona. Ngaphandle kwenu asizazi ukuthi singobani. Ngabe asikho. Ngijabule ukuba lapha ngoba izolo e-America sithole umengameli ongafanele. Ngijabule ukuthi ngilapha nani. Ngizohlala lapha, ngiyakuthanda lapha,” kuncokola uHarvey abantu bafa yinsini.
Uthe abantu abamnyama bayazi ukuthi basenkingeni. Usho nje ukhetho e-USA luthathwe uMnuz Donald Trump ohlule uNkk Hillary Clinton.
Esithangamini kutuswe iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, inhloko yezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala uMnuz Thembinkosi Ngcobo ithe njengoba izivumelwano zokusingatha i-Essence zasayinwa ngaphambi kokuthi angene, bekuzoba yilungelo lakhe ukuthi ufuna ukubuyekeza leso sinqumo kodwa wathi umcimbi awuqhubeke.
UMichelle Ebanks ongumengameli we-Essence naye utuse imeya wathi ukholwa wukuthi i-Essence ibilinde yena njengoba baqala ukuhlangana nethimba laseThekwini eminyakeni emithathu eyedlule.
Namhlanje kuzoba ne-pre party eGagasini eSouth Beach lapho kuzodlala khona uBlack Coffee, Cndo, Happy Gal nabanye abaningi. Kulindeleke nosaziwayo baphesheya.