ZANELE MTHETHWA
UKUSATSHISWA ngokubulawa nokuthukwa ezinkundleni zokuxhumana akumenzi angenwe yitwetwe uSihlalo weKhomishini eVikela iNkolo, Izilimi noMphakathi, ozakhele udumo ngokuphenya amabandla nabefundisi abazicebisa ngawo.
UNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva (55) okhulele eMlazi, eThekwini uqale ukugqama ngonyaka odlule ngesikhathi iKhomishini imemezela ukuthi izophenya amabandla. Utshele Isolezwe ukuthi ukube akanawo umndeni omesekayo ngabe usesilaxazile isikhundla ngenxa yengcindezi. Yize eqokwe uMengameli Jacob Zuma ukuhola iKhomishini ngo-2014, kuningi asedlule kukho osekumqinise ukhakhayi.
Ukuqala kweKhomishini ukuphenya abefundisi ngonyaka odlule kumdalele amazinyo abushelelezi njengoba ethi usemanaphanapha yinhlamba yamakholwa ezinkundleni zokuxhumana.
“Kungaphezu kwamandla ukuhola iKhomishini ephenyayo futhi ukube angisekwa wumndeni wami ngabe sengiyekile. Ngifunde lukhulu selokhu siqale ukuphenya abefundisi. Bengimangala abanye bengena behamba nonogada behlomile. Lokhu sekwenze ukuthi uma sihlangene nathi siqinise ezokuphepha, kuseshwe wonke umuntu ongenayo ngenxa yokwesatshiswa,” kusho yena.
UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe uyaqonda ukuthi okwenza kuphakame imimoya kubazalwane uma bephenywa ukuthi yinto entsha ukuphenywa kwabo.
Ukujutshwa kule Khomishini kumphoqe ukuthi afunde kabanzi ngezinkolo namasiko ahlukene kuleli njengoba kuwumsebenzi wabo ukuvikela. Usebenza nokhomishana abangu-11 baphenye, bafake nezincomo ukuvikela umphakathi, inkolo nezilimi.
“Siyajutshwa ukuthi siphenye, uma kube nezikhalo ezithize, kodwa kwesinye isikhathi siziqalela thina uphenyo uma sibona okungahambi kahle emphakathini. Uma sesiphenyile senza izincomo, siludlulisele enkantolo udaba uma kungenzeki esikuphakamisile,” echaza.
UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe bavikela namasiko ababona sengathi asethubeni lokuqedwa, nokungahambisani nomthetho-sisekelo. Basanda kuphikisa abebefuna kuvalwe ukuhlolwa kwezintombi futhi basazophenya nangokusokwa.
Yize ebheka nezinkolo ezahlukene okumele azivikele, uNkk Mkhwanazi-Xaluva akaphumelanga obala ngenkolo yakhe.
“Engingakusho ukuthi ngiyakholelwa kuNkulunkulu futhi ngiyawuthemba umkhuleko uyangiqinisa. Kulo msebenzi kumele ngikhohlwe inkolo yami kodwa ngiqonde futhi ngivikele yonke inhlobo yenkolo namasiko. Kwesinye isikhathi kudingeka ngivikele inkolo nami engingahambisani nayo,” usho kanje.
Wayenguthisha ngaphambi kokujoyina inhlangano ezimele ebhekene nokukhuliswa kwezingane. Ubuye wasebenza ehhovisi likaMnuz Thabo Mbeki esenguMengameli, egxile ezindabeni ezithinta izingane. Uphinde wasebenza nehhovisi lezemfundo wabuye waba yilungu lebhodi yeNational Lotteries.