MINENHLE MKHIZE
Ebika eseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu
UVUMBUKE eqenjini leNational First Division (NFD) iRoyal Eagles umdlali odume ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi kodwa ohlushwa wukuthanda impilo yasebusuku, uMasibusane “Zizou” Zongo.
UZongo usanda kukhonjwa indlela kuPlatinum Stars kulandela ukunyamalala ngaphandle kwesizathu, okusolwa ukuthi wahamba nabanye ozakwabo bayogxinxa utshwala kodwa yena wagcina esedukile engasafiki nasejimini.
Kwala ngisho sekuthiwa akafike azochaza ukuthi kungani engazange abike ngokunyamalala, wangakwenza lokho ngesikhathi okwakuvunyelwene ngaso. Izolo leli phephandaba lizithele phezu kukaZongo ngesikhathi lizothamela umdlalo we-Eagles noMthatha Bucks eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Kubuzwa uRichard Makhoba oyisikhulu esiphezulu ku-Eagles uvumile ukuthi uZongo usengumgadli weqembu. “Yebo, usengumdlali wethu. Simnike inkontileka yeminyaka emibili. Uzoqala ukubonakala ngesizini ezayo,” kusho Makhoba.
Ngaphambi kokuthi asayine ku-Eagles uZongo ubemataniswa neKaizer Chiefs edlala ku-Absa Premiership.UZongo usexoshwe yinqwaba yamaqembu kula masizini adlule. KuSuperSport United, Vasco Da Gama, Blackburn Rovers nakuDikwena waxoshelwa ukudakwa. Leli nxele laseNgangelizwe, eMthatha, Eastern Cape selike lazama ngisho inhlanhla kuTottenham Hotspur yase-England.
I-Eagles isizakhele igama ngokusayinisa abadlali abanonhlonze. Ekuqaleni kwesizini leli qembu lisayinise uKatlego “Killer” Mphela wodumo kuMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs nakuBafana Bafana, uDominic Isaacs awagqama kuMakhosi noKhethokhwakhe Masuku oke wadlala ku-Orlando Pirates.
Phambilini leli qembu like lagaba ngabadlali abafana noThulasizwe “Juju” Mbuyane owaduma kuPirates noMark Mayambela owazakhela udumo kuBlomfontein Celtic ngaphambi kokuthi ayekuBucs.
Abalandeli be-Eagles bakhombise ukumthakasela uZongo, bethatha ama-selfie naye. Kuyona leyo njabulo abanye bebemtshela bengananazi ukuthi uzowukhomba onotshwala uma eke waphuma eceleni.
Khona manjaloi-Eagles ivithize uMthatha Bucks ngo 3-1 wamagoli kaJunior Sekete, George Sedwyn kwathi elinye kwaba ngumkhonto ogwaze ekhaya ngonyawo luka-Andile Makutwa. EloMthatha Bucks livalelwe enethini uPetros Ngebo.