NONTUTHUKO NGUBANE
U MNDENI kaMnuz Sipho Ndovela odutshulwe kasikhombisa enkantolo yaseMlazi ngoMsombuluko, uthe ubukulindele ukuthi uzobulawa njengoba ebezingelwa njenge “nyamazane”.
Udadewabo kaNdovela (43), uNksz Nokubonga Ndovela ose-Eastern Cape, utshele Isolezwe izolo ukuthi ziyaqaqamba izinhliziyo ngokwenzekile kodwa umfowabo ubevele “esavalelisa” ngoba esazi ukuthi uzobulawa.
“Besilindele ukuthi uzobulawa, naye wasihlalela phansi wasitshela ukuthi impilo yakhe isengozini futhi angashona noma inini. Ngaphandle kokutshelwa uyena nathi sazibonela ngosuku okwafika ngalo amadoda amaningi ebusuku ngamaholidi ePhasika, kwangena eyodwa ekhaya izomfuna. Sabatshela ukuthi lapha yisekhaya elikhulu umufi uhlala emzini wakhe. Owesilisa waphuma esegijima eya kwabanye abaningi ayehamba nabo. Empeleni umfowethu ubezingelwa kuhle kwenyamazane,” kusho uNdovela.
Umufi ushiye izingane eziyisikhombisa, endala ineminyaka engu-13, encane ineminyaka emibili, nguyena kuphela obondla ekhaya njengoba umkakhe engasebenzi.
“Silahlekelwe kakhulu ngokuhamba kwakhe, asazi sizothatha ini sihlanganise nani. Kumanje izingane zakhe azisenaye umuntu ozozondla. Sifuna abenzi besigameko baboshwe bagwetshwe,” kusho uNdovela.
Uthe umfowabo omdala uye eThekwini izolo ukuze alungiselele ukubuya nesidumbu e-Eastern Cape. Bebengakazi ukuthi uzofihlwa nini.
Umufi ubesanda kusinda edutshulwa ngoFebhuwari owesilisa wasehostela eGlebelands eMlazi, futhi ubengufakazi ecaleni lokubulawa komngani wakhe.
Ngokophenyo udutshulwe kasikhombisa ngo-11 emini ngoMsombuluko ephuma enkantolo eyokhuluma nocingo ngaphandle.
Ngokusho kwabakhulume ne Solezwe ngelanga lesigameko, umufi wafika ehamba namaphoyisa.
Kuthiwa kubasolwa abathathu abamhlasele oyedwa ukhiphe isibhamu wamdubula maqede babaleka ngezinyawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa asalandela umkhondo.
“Okwamanje akekho oboshiwe, sinxusa ofakazi ababonile beze nolwazi abanalo ukuze sibophe abasolwa,” kusho uZwane.
Ebuzwa ngokuphepha kofakazi uthe bazobahlinzeka ngakho konke abakudingayo ukuze baphephe.
Umufi kuvele ukuthi yize ekade efike namaphoyisa kodwa ubengekho ngaphansi kohlelo lokuvikela ofakazi kodwa ubehlala lapho ebebhace khona wabe esecela amaphoyisa ukuba amphelezele eya enkantolo.
UNdovela kuthiwa icala abengufakazi kulona ngelokubulawa komngani wakhe uMnuz Fikile Siyephu wase-Eastern Cape.
USiyephu wahlaselwa ehostela nomufi owadubuleka emlenzeni ngaleyo nkathi. Kusukela ngaleso sikhathi kuthiwa uNdovela ubesongelwa. Bese eyeke nomsebenzi wakhe wokuba yimenenja erenki.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant Mmamonnye Ngobeni kuthiwa wathunyelwa incwadi ecelwa ukuba avikelwe umufi.
Kwenzeka lokhu nje ihostela iGlebelands selaziwa ngokuba “yikajomba igazi” ngenxa yokubulawa kwabantu.
UMnuz Kwanele Ncalane okhulumela uMnyango wezokuPhepha KwaZulu-Natal uthe bakhathazekile ngalokhu kuhlaselwa okubukeka kungapheli.
“UNgqongqoshe (Mnuz Willies Mchunu) phambilini uke wathumela amaphoyisa ayisipesheli ukubhekana nalesi simo, kwehla ukuhlaselwa. Manje sekuphinde kwabuyela esimweni esingesihle. UNgqongqoshe uzophinde abheke ukuthi yiliphi ithimba angalithumela ukuze sinqandwe lesi simo,” kusho uNcalane.
Ukubulawa kwabantu kule ndawo kuhlangene nezimpi zangaphakathi, okubalwa nombango wezindawo. Sekubulewe abawu-25 kuleli hostela kusukela ngoMashi wonyaka odlule.
Kunezinsolo zokuthi kunezinkabi ezingobhongoza ekubulaweni kwabantu ehostela okuthiwa ziyaziwa.
Esigamekweni sangesonto eledlule kusinde ngokulambisa uMnuz Thembelani Shozi oyinyanga, indlu yakhe eyashiswa ngophethroli.
Izolo abasebenzi basenkantolo bathe abephuma engena amaphoyisa enkantolo nabantu besayikhulumela phansi le ndaba.