CELANI SIKHAKHANE
Y EHLISWE ngo-R9 million imali yesabelo esibhekene nezinhlelo zeSilo samabandla ngenxa yesimo somnotho esingesihle.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu ethula isabelo sehhovisi lakhe esingu-R658.644 million sonyaka ka-2016/2017.
Bekuqala ukuthi iSilo siphulelwe isabelo nezinhlelo zaso zeNdlunkulu njengoba eminyakeni edlule besithola imali engaphezulu kuka-R57 million.
“Ngemuva kokuhlakazwa koMnyango wezaseNdlunkulu kwasungulwa isikhwama iRoyal Household Trust esasizobhekana nezinhlelo zaseNdlunkulu ngokulekelelwa yihhovisi likaNdunankulu. Ngonyaka zimali ka-2016/17 sizonikeza lesi sikhwama u-R15.167 million ukuze sikwazi ukubhekana nomsebenzi wokulungisa izigodlo, ukunakekelwa kwabantwana ngokwezempilo, ukukhokhelwa kwezidingo zemfundo nokunye,” kusho uMchunu.
Uthe njengehhovisi bazibophezele ngokusiza iSilo emicimbini yokugcoba amakhosi ngezinye izinhlelo zokudala ukusebenzisana kuhulumeni.
Nokho ihhovisi likaNdunankulu libhekene nengwadla yemali yokulungisa izigodlo. UMchunu uthe lokhu kwenza kube nzima ukuthi benze izigodlo zibe sezingeni elifanele ukuheha izivakashi.
Uqhube wathi bazoqala uhlelo oluzosiza ekutheni isikhwama saseNdlunkulu siqoqe imali ezobhekana nezidingo ezifuze lezi zokulungiswa kwezigodlo.
UNdunankulu ucacisile ukuthi zonke izinhlelo zehhovisi lakhe zishayekile ngenxa yokwehliswa kwesabelo-mali.
Ubuye wakhala ngodlame lwasehostela iGlebelands wathi uzizwa enamahloni ngalo.
Umholi weDA esiShayamthetho, uMnuz Sizwe Mchunu uthe bayayibona imisebenzi kaMchunu kodwa inkinga emphazamisayo (uMchunu) ngukulwa abhekene nakho ku-ANC.
Uthe nakuba kunjalo kodwa akakhumbule ukuthi yena usebenzela abantu baKwaZulu-Natal okufanele ababeke phambili.
UMnuz Blessed Gwala uthe inkinga ihhovisi likaNdunankulu libhekene nombango wamandla okuKhongolose esifundazweni.
Uqhube wathi nakuba kunjalo kodwa bayaseseka isabelo asinekele isiShayamthetho.
UNkk Makhosi MaNzimande Khoza we-ANC uthe iyamxaka i-IFP ukuthi yini ingayikhulumi indaba yozovala isikhundla sikaMntwana wakwaPhindangene uma esephuma njengoba belibele yi-ANC.
UMnuz Makhosini Nkosi we-ANC uxwayise uMchunu weDA wathi akahlukane nezindaba ze-ANC ngoba nabo abakaze bazixake ngaye ngesikhathi ehlulwe engqungqutheleni yaleli qembu eyayiseRichards Bay ngonyaka odlule. Bonke bancome uNdunankulu ngemizamo yakhe yokwenza isifundazwe sibe ngcono nangokunakekela iSilo.