FANELESIBONGE BENGU
ZIYAQALA ukutheleka namhlanje izimenywa ezizothamela umcimbi wokuklomelisa abaculi amaSouth African Music Awards (Sama) azoba seNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Isikhulu semiklomelo uRefiloe Ramogase sithe bangaphezulu kuka-1600 abantu ababamemile abahlanganisa izikhulu zezinkampani zokuqopha nabanye.
“Amabhanoyi abo nezindawo zokulala konke sekulungisiwe. Silindele ukuthi baqale ukutheleka ngoLwesithathu ntambama nangoLwesine. Abaculi esingazi bazofika nini,” kusho uRamogase.
AmaSama kuzoba ngokuka-22 ekhona kanti ayaqala ukuthi asingathwe eThekwini.
Amathikithi alo mcimbi asatholakala eComputicket ngemali eqala kuR350 kanti sekusele ingcosana. Abangeke bawathole bengawubuka bukhoma kuSABC 1 kusukela ngo-8 ebusuku.
“Sizomemezela iminxa engu-17 bukhoma kuthi eminye njengaseminyakeni edlule ivele nge-video,” kusho uRamogase.
Kuphinde kwahlelwa nendawo yokubukela ngaphandle kwase-ICC kuWalnut Road lapho kuzobe kufakwe khona obhazabhaza bama-screen. Kuzobe kunandisa nabaculi abehlukene okubalwa kubo uKhuzani, Nakhane Toure, eMtee, AKA, Fifi Cooper, AKA, Nathi nabanye abaningi. Amathikithi aqala kuR150 eComputicket.