CELANI SIKHAKHANE
U SIHLALO wesikhwama saseNdlunkulu esibhekene nezinkinga zezimali uJaji Jerome Ngwenya uthi ukunganikezwa umkhombandlela ngokuthi bazoyenza kanjani imali kube yimbangela yezinkinga ezikhungethe lesi sikhwama.
Lokhu uNgwenya (osesithombeni) ukuveze ngemuva kokuthi kube nezikhalo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngokuthi selokhu sasungulwa lesi sikhwama kusuka ngo-2009 asikaze sifake ngisho isenti eNdlunkulu.
UNgwenya obuye abe ngusihlalo obambile kuNgonyama Trust Board, uthe kuyiphutha ukuthi kube nesikhalo esingaka ngalesi sikhwama ngoba ziningi izinkinga ababhekene nazo.
“Okokuqala nje asizange siqale ukusebenza ngo-2009 kodwa umsebenzi wethu uqale ngo-Febhuwari 2010 nakhona bekunezinkinga ngoba kuthathe isikhathi eside kusafunwa i-CEO, umgcinimafa, izimenenja ngenhloso yokuthi lesi sikhwama sikwazi ukuba nabantu abebezoba umgogodla wokusebenza kwaso. Ngaphandle kwalokho kube nenkinga yokuthi ngesikhathi sinikezwa lo msebenzi akukho lapho okube nesigaba somthetho esasisiyalela ukuthi i-Royal Household Trust izoyenza kanjani imali,” kusho uNgwenya.
Lesi sikhwama ezinye zezinto ezibalulekile okubhekeke ukuthi sizenze wukubhekelela imfundo yabantwana beSilo, izidingo zoNdlunkulu baso nokuthi iNdlunkulu inganciki kakhulu esabelweni mali sikahulumeni kodwa izenzele yona imali ngalesi sikhwama.
UNgwenya uthe isabelo mali abebesithola kuhulumeni wesifundazwe bebesisebenzisa ukuholela abasebenzi balesi sikhwama, bakhokhele amahhovisi aseThekwini abawasebenzisayo baphinde babhekane nezindleko zasendlunkulu ekubeni ingekho imali abakwazi ukuyenza bona.
Eqhuba uthe kumanje bafuna kube nezinto ezizolungiswa ukuze kucace ukuthi lesi sikhwama sizimele.
Lapha ubebala nokuthi bafuna imigubho efana noMkhosi woMhlanga neminye imicimbi yaKwaZulu evamise ukuheha abavakashi ifakwe kulesi sikhwama bese kuba nendlela abazoyenza ukukhanda imali noma kube nezimayini abazithengayo ukuze zifake imali.
Uthe ngisho abaholi abaseSishayamthetho bayazi ngezinkinga zalesi sikhwama ngoba nangesikhathi sikaDkt Sbu Ndebele yavela indaba yaso kodwa kwaba nezinkinga kwagcina kungalunganga njengoba size sasungulwa sekukhona uDkt Zweli Mkhize.
Eqhuba uthe emalini abayithola kuhulumeni amaphesenti angu-70 angena emholweni wabasebenzi balesi sikhwama okusho ukuthi kusenzima ukuthi sibe nemali.
Uphinde waveza nokuthi kunoMnyango kahulumeni obakweleta u-R700 000 kanti kunenye imali engu-R5 million abayithenjiswa kodwa abakaze bayithole kwale noma sebehambise i-bussines plan okwathiwa abayilethe ukuze bathole le mali kodwa akukho ngisho isenti eselingenile.
Ngaphandle kwalokhu i-CEO yalesi sikhwama uMnuz Nkululeko Luthuli, isamisiwe ngezinsolo zokungaphathi ngendlela imali ebalelwa ku-R3 million.