LUNGI LANGA
BAKHALA ngokungalitholi iholo labo onompilo abasebenza emtholampilo, iQadi, eMzinyathi ngaphansi kwe-Poly Clinic, bathi bagcine ukuthola isibonelelo ngoJanuwari kulo nyaka.
Omunye wonompilo abathinteka kulolu daba ongathandanga ukuveza igama lakhe uthe kusukela ngenyanga edlule bebethi uma beya kobheka imali emshinini bafike kukhala ibhungezi.
“Khona sekuyinto ejwayelekile ukuthi siyithole emuva kwesikhathi eside kokunye asiyitholi kwakhona imali,” kusho unompilo.
“Kule mali ngikwazi ukondla umndeni wami. Manje kuba yinkinga uma kugcina sengingasaholanga esikhaleni, ngaphandle kokuthola umbiko wokuthi ngeke ngihole,” kuqhuba unompilo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, uMnuz Chris Maxon, uthe abaphathi bomtholampilo bakuvumile ukuthi kube nezinkinga mayelana nokubakhokhela labo nompilo ngenyanga edlule. Uthe bakuqinisekile nabo abaphathi kuthi ngeke liphele isonto elizayo bengayitholanga imali ekufanele bakhokhelwe yona.
Uthe labo nompilo abekho phansi koMnyango futhi kufanele bathumele imininingwane ethile njalo uma kufanele bahole nokuyiyo esetshenziswayo ukuze bakwazi ukuholelwa.