MCEBO MPUNGOSE
K UVELE ubufakazi obushaqisayo izolo esithangamini sabezindaba esibizwe yinhlangano eyeseka umshayeli weloli eladala inhlekelele yengozi ePinetown okwafa kuyo abangu-24 nyakenye. Inhlangano ezibiza nge-Support for Sanele May idalule ubufakazi ubungase busize le nsizwa edabuka eSwaziland emacaleni okubulala ebhekene nawo. Abameli bazogadla ngoMnuz Tonnie Rootman onguSolwazi ekuhloleni ubuchwepheshe bezimoto nokunguye owaqashwa ngemuva kwengozi ukuthi azohlola iloli.
Uthe uthole ukuthi amabhuleki eloli ayedlekile nokwenza lingabi sesimweni sokuba semgwaqweni.
“Amanye amapayipi asiza ukuthi lime iloli ayeseqhumile ngaphambi kwengozi kanti amanye amabhuleki ayesedlekile. Umshayeli wayengeke akwazi ukulimisa iloli,” kusho uRootman.
Uziphikisile izinsolo zokuthi okunye okwaphazamisa amabhuleki wukuthi uMay washintshela egiyeni eliphansi ukuze amise iloli ngoba laligijima.
“Abukho ubufakazi obukhombisa ukuthi injini yadumela phezulu njengenjwayelo uma ushintshela egiyeni eliphansi imoto ivele igijima. Ukube kwenzeka lokho ngabe bukhona ubufakazi ku-gear box noma enjinini,” kusho uRootman.
Uthe kwayena eselishayela leli loli kwakufana nokumosha isikhathi ngoba awasebenzanga amabhuleki.
Okunye okushaqisayo akudalulile ngukuthi ekuqaleni wayejutshwe ngabaqashi baMay, iSegekal Logistics, ukuthi ahlole iloli nokuthe uma esebavezela akutholile bangagculiseka bamkhomba indlela ngaphandle kokumkhokhela.
Bethintwa ngalolu daba abakwaSegekal Logistics bavumile ukuthi bamqasha uRootman.
“UMnuz Rootman wahoxiswa emsebenzini wakhe esasebenze usuku olulodwa. Kwaba nokungavumelani mayelana nomholo wakhe ngoba wahluleka ukusinikeza esasimqashele khona,” kusho uMnuz Theasan Pillay.
Uqhube wathi uzidonsela amanzi ngomsele uRootman ngendlela aziphathe ngayo yokugijima ayonikeza abameli baMay umbiko ngeloli ababemqashele wona futhi kungase kufake umsebenzi wakhe engcupheni.
Ekhuluma nabezindaba izolo umsunguli wale nhlangano uNkk Peach Piche, uthe banethemba elikhulu lokuthi ubufakazi ababuqukethe buzophendula icala livune uMay.
“Sifuna ukubona ubulungiswa. Asikukhohlwa nakancane ukuthi kwalahleka imphefumulo yabantu abaningi ngale ngozi kodwa sifuna kujeze abantu abafanele,” kusho uPiche.
Icala lizoqhubeka ngoMeyi 26 eNkantolo eNkulu yaseThekwini.