BONISWA MOHALE
K UPHELILE ukusebenzisa ugesi wezinyoka emijondolo yaseMhlabeni, eseduze kwesiteshi sesitimela iZwelethu, eMlazi njengoba seziqalile izinhlelo zokufaka ugesi osemthethweni kule ndawo.
Emasontweni amabili edlule abantu baseMhlabeni bavuke umbhejazane bashisa amathayi bavala umgwaqo omkhulu uMangosuthu Highway baze bavala nojantshi wesitimela befuna ukufakelwa ugesi ngenkani.
Bacela iMeya yeTheku uJames Nxumalo ukuba izokhuluma nabo.
UNxumalo wabatshela ukuthi ubeke u-R4.7 million ukuze kufakwe ugesi emizini engu-1 500 eMhlabeni.
Isolezwe liye ukuyozibhekela ukuthi ngabe kukhona yini okwenzekayo, lathola ukuthi isimo sesibuyele kwesijwayelekile futhi nomphakathi washo ukuthi ukufakwa kukagesi kuzoqala namhlanje.
UNksz Ziningi Sibiya oyilungu lekomiti laseMhlabeni uthe bayathemba ukuthi konke abakuthenjiswe yiMeya kuzokwenzeka ngoba udaba lukagesi obelubahlupha kakhulu selusukunyelwe.
IMeya ithe ugesi uzofakwa kwazise uMasipala weTheku usuwuqalile umkhankaso wokufaka ugesi ukuze abantu bahlale kahle besalinde izindlu.
“Ingu-1 500 imindeni ezohlomula kulolu hlelo luka-R4.7 million lokufakelwa kukagesi mahhala. Ngeke bakhokhe mali abantu ngoba sinohlelo lokuletha izidingo, okubalwa kuzo amanzi, ugesi namathoyilethi emijondolo. Selwenziwe ucwaningo ngodaba lwezindlu, osekusele wukuthi sithumele uhlelo lwethu kwaboMnyango wezokuHlaliswa kwabantu bese silinda ibhajethi yangonyaka ozayo kahulumeni wesifundazwe. Uma sithola imali sizobe sesikhangisa umsebenzi wokwakha izindlu okuthatha isikhathi. Yingakho sinihlinzeka ngezidingongqangi ngesikhathi nisalinde izindlu,” kusho uNxumalo.
Udonse ngendlebe abantu baseMhlabeni ukuthi ngokuzayo uma kukhona abanganeme ngakho bangashisi amathayi kodwa bakhulume nekomiti labo noma nekhansela, uma bengasizakali bamthinte ukhona uzobasiza.