CELANI SIKHAKHANE noBONGIWE ZUMA
IMEYA yaseZululand uNkk Zanele Magwaza-Msibi itshele abantu bakuleya ndawo ukuthi kungenzeka ingabuyi ngemuva kokhetho njengeMeya yalo mkhandlu.
UKaMagwaza-Msibi ubekhuluma emcimbini wokwethula inkulumo yentuthuko eMahlabathini ngempelasonto ayichaze ngokuthi ingeyokugcina uma abantu bevote kahle ukuthi ayobamela ePhalamende, eKapa.
“Ngithi angikusho ukuthi kungenzeka kube yinkulumo yami yokugcina lena njengeMeya yaseZululand.
“Uma nje nivote kahle angibuyi ngemuva kokhetho, yikho ngizonichazela ngakho konke esikwenzile kumasipala selokhu sithathe izintambo. Ngicela nabantu be-ANC bangivotele ngoba uma udinga umholi oqotho akusho ukuthi uyoze uvotele oweqembu lakho ukuba akwenzele lokhu okudingayo,” kusho ukaMagwaza-Msibi.
Ngaphambi kwenkulumo yakhe, kusuke inhlokomo kubantu betshelwa ukuthi sekuyisikhathi sokuba athunywe ePhalamende ayosebenzela abantu.
Abesifazane bavele bakikiza abanye besho nokuthi sekufike isikhathi, akahambe ayosebenzela eKapa.
Omunye wabaholi be-NFP uthe abantu baseZululand yibona abambuyisa ukaMagwaza-Msibi ngesikhathi ayedingiswe ngelinye iqembu ayekulo angalibizanga ngegama alichaze ngokuthi laliyomfihla esiShayamthetho, sekuyisikhathi manje sokuthi abantu baseZululand bamdedele ngokomthetho aye ePhalamende.
UKaMagwaza-Msibi echaza uthe ngesikhathi eqala ukuba yiMeya yaseZululand eminyakeni engu-16 edlule kwakunzima umphakathi uhlupheka.
“Isabelomali esasikhona kwakungu-R5million kuphela, okuyimali owawungazi ukuthi ungaqala kuphi ukuyisebenzisa ngoba yayincane kodwa sazama. Kumanje kunezinkundla zokudlala ibhola, amanzi esiwanikezela mahhala kubantu abasezindaweni zamakhosi, sinezinhlelo eziningi esezihlomulise abampofu yize sisendaweni engenazo izimboni ezithuthukisa umnotho,” usho kanje.
Umemezele nokuthi abantu abaswele abangasebenzi, abafelokazi, izintandane banqume ukuthi babasulele isikweletu sabo sikamasipala samanzi sika-R39million ngoba bebona usizi lwabantu baseZululand.
UkaMagwaza-Msibi iNFP ifolosa ngaye ohlwini lokuya esiShayamthetho saKwaZulu-Natal nokuba aye ePhalamende, eKapa.
Lokhu kuzoncika ekutheni yikuphi lapho benza khona kahle.
Ngaphandle kwalokho lo mholi uncome bonke abasebenzi bakhe kumasipala ngokumeseka kule minyaka ayisebenzile eseyiMeya.
Uxwayise abantu baseZululand ukuthi iMeya eyomlandela kumele bayigade ingabaphoqi ukuthi bakhokhe amanzi labo abahlala ezindaweni zamakhosi abangawakhokheli.
Uthe kumanje badinga u-R3billion ukuthi bakwazi ukufaka amanzi ezindaweni okunzima ukufinyelela kuzo ezinezintaba.
Kulo mcimbi obugcwele izinkumbi zabantu kubuye kwanconywa bonke abaholi beNFP abaseka ukaMagwaza-Msibi ngesikhathi eshiya i-IFP.
UkaMagwaza-Msibi uthe sebeke banconywa owayenguMengameli wakuleli uMnuz Thabo Mbeki enxusa ukuthi abanye omasipala kumele babonele eZululand ngendlela okusingethwe ngayo imali.
Uzincome naye ngokuthi ukwazile nokusiza izikole ebezidilika ngokuxhasa ngamagumbi okufunda angu-500 .
Okwamanje bekunamahlebezi okuthi kungenzeka kuqokwe iMeya yaKwaNongoma uMnuz Jeremia Mavundla ukuthi iphathe iZululand kodwa yenqaba.